9 kepha wombulala impela; isandla sakho siyakuba phezu kwakhe kuqala ukumbulala, ngasemuva isandla sabantu bonke.
10 Uyakumkhanda ngamatshe ukuba afe, ngokuba uzamile ukukuhlubukisa uJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.
11 U-Israyeli wonke uyakuzwa, esabe, angabe esabenza ububi obunjalo njengalobo obuphakathi kwakho.
12 “Uma uyakuzwa ngomunye wemizi yakho uJehova uNkulunkulu wakho akupha wona ukuba wakhe kuwo, kuthiwa:
13 Abantu abathile abonakeleyo baphumile phakathi kwakho, bahlubukisile abomuzi wabo ngokuthi: ‘Masiye sikhonze abanye onkulunkulu eningabaziyo,’
14 wobuza, uphenye, ubuzisise; bheka, uma kuyiqiniso, leyo nto iqinisekile ukuthi isinengiso esinjalo senziwe phakathi kwakho,
15 woshaya nokushaya abantu balowo muzi ngosiko lwenkemba, uwuchithe impela, nakho konke okuphakathi kwawo, nezinkomo zawo, ngosiko lwenkemba.