15 nentshe, nenkovana, nenkanku, noklebe ngezinhlobo zakhe,
16 nesikhova, nomxwagele, nefukezi,
17 nevuba, nophalane, nomphishamanzi,
18 nonogolantethe, nonozalizingwenya ngezinhlobo zakhe, noziningweni, nelulwane.
19 “Nezilwanyana zonke ezinamaphiko zingcolile kini: azinakudliwa.
20 Kepha ezinyonini zonke ezihlambulukileyo ningadla.
21 “Aniyikudla lutho lwengcuba; ungamnika umfokazi ophakathi kwamasango akho ukuba akudle, noma uthengise ngakho kowezizwe, ngokuba wena uyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina.