22 “Uyakunikela ngokweshumi kwazo zonke izithelo zembewu yakho, lokho okuvela ensimini iminyaka ngeminyaka,
23 ukudle phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha yena ukuba igama lakhe lihlale kuyo, okweshumi kwamabele akho, nokwewayini lakho, nokwamafutha akho, nokwamazibulo ezinkomo zakho, nokwawezimvu zakho, ukuba ufunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakho njalo.
24 Uma indlela ikude nawe, ungenamandla okukuthwala, ngokuba ikude kakhulu nawe indawo uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba alibeke kuyo igama lakhe, lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekubusisa,
25 uyakukwenana ngemali, uyisonge imali esandleni sakho, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha,
26 uthenge ngaleyo mali noma intoni umphefumulo wakho oyithandayo, izinkabi, noma izimvu, noma iwayini, noma uphuzo olunamandla, noma intoni umphefumulo wakho oyifunayo, udle khona phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wename, wena nabendlu yakho;
27 nomLevi ophakathi kwamasango akho awuyikumeyisa, ngokuba akanasabelo nafa nawe.
28 “Ngasekugcineni kweminyaka emithathu njalo uyakukhipha konke okweshumi kwezithelo zakho ngawona lowo mnyaka, ukubekelele phakathi kwamasango akho;