25 uyakukwenana ngemali, uyisonge imali esandleni sakho, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha,
26 uthenge ngaleyo mali noma intoni umphefumulo wakho oyithandayo, izinkabi, noma izimvu, noma iwayini, noma uphuzo olunamandla, noma intoni umphefumulo wakho oyifunayo, udle khona phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wename, wena nabendlu yakho;
27 nomLevi ophakathi kwamasango akho awuyikumeyisa, ngokuba akanasabelo nafa nawe.
28 “Ngasekugcineni kweminyaka emithathu njalo uyakukhipha konke okweshumi kwezithelo zakho ngawona lowo mnyaka, ukubekelele phakathi kwamasango akho;
29 nomLevi, lokhu engenasabelo nafa nawe, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi, abangaphakathi kwamasango akho, bayakuza, badle, basuthe ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise emsebenzini wonke wesandla sakho owenzayo.