18 “Makungabi lukhuni emehlweni akho lapho umyekela ukuba ahambe, ngokuba ukukhonzile iminyaka eyisithupha ngenxenye yemali yomqashwa; uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa kukho konke okwenzayo.
19 “Onke amazibulo amaduna azalwa ezinkomeni zakho nasezimvini zakho wowangcwelisela uJehova uNkulunkulu wakho; awuyikusebenza ngezibulo lezinkomo zakho, ungaligundi izibulo lezimvu zakho.
20 Uyakulidla phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho iminyaka ngeminyaka endaweni uJehova ayakuyikhetha, wena nabendlu yakho.
21 Uma linesici, liqhuga, noma liyimpumputhe, noma yisiphi isici, awuyikunikela ngalo kuJehova uNkulunkulu wakho.
22 Uyakulidla phakathi kwamasango akho, ongcolileyo nohlambulukileyo ngokufananayo, njengensephe nendluzele.
23 Kuphela igazi lalo awuyikulidla; lithululele emhlabathini njengamanzi.