11 wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi ophakathi kwamasango akho, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwakho endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.
12 Wokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibithe, ugcine, uzenze lezi zimiso.
13 “Wogcina umkhosi wamadokodo izinsuku eziyisikhombisa emva kokuba usubuthile okwesibuya sakho nokwesikhamo sakho sewayini,
14 wename ngomkhosi wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwamasango akho.
15 Izinsuku eziyisikhombisa uyakumgcinela uJehova uNkulunkulu wakho umkhosi endaweni uJehova ayakuyikhetha, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa kuzo zonke izithelo zakho nasemsebenzini wonke wezandla zakho, uthokoze kakhulu.
16 “Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa bakho bayakubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo; bangabonakali phambi kukaJehova bengenalutho;
17 yilowo nalowo uyakunika njengamandla akhe, ngokwesibusiso uJehova uNkulunkulu wakho akunike sona.