15 Izinsuku eziyisikhombisa uyakumgcinela uJehova uNkulunkulu wakho umkhosi endaweni uJehova ayakuyikhetha, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa kuzo zonke izithelo zakho nasemsebenzini wonke wezandla zakho, uthokoze kakhulu.
16 “Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa bakho bayakubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo; bangabonakali phambi kukaJehova bengenalutho;
17 yilowo nalowo uyakunika njengamandla akhe, ngokwesibusiso uJehova uNkulunkulu wakho akunike sona.
18 “Uyakuzikhethela abahluleli nezinduna emasangweni akho onke uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona njengezizwe zakho; bayakwahlulela abantu babo ngokwahlulela okulungileyo.
19 Awuyikuphendukezela isahlulelo, ungakhethi ubuso bamuntu, ungafunjathiswa isipho, ngokuba isipho siphuphuthekisa amehlo ohlakaniphileyo, siphendukezela amazwi olungileyo.
20 Uyakulandela ukulunga okuyikho ukuba uphile, ulidle izwe uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.
21 “Ungazitshaleli u-Ashera* womuthi noma owaluphi uhlobo ngaseceleni kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wakho oyakuzenzela lona.