8 Izinsuku eziyisithupha uyakudla isinkwa esingenamvubelo, ngosuku lwesikhombisa kube ngumhlangano ozothileyo kuJehova uNkulunkulu wakho; ungasebenzi msebenzi.
9 “Wozibalela amasonto ayisikhombisa; kusukela esikhathini oqala ngaso ukubeka isikela ezinhlangeni zamabele woqala ukubala amasonto ayisikhombisa.
10 Uyakugcina umkhosi wamasonto kuJehova uNkulunkulu wakho ngesipho somnikelo wesihle wesandla sakho, oyakusinika njengokubusisa kukaJehova uNkulunkulu wakho,
11 wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi ophakathi kwamasango akho, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwakho endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.
12 Wokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibithe, ugcine, uzenze lezi zimiso.
13 “Wogcina umkhosi wamadokodo izinsuku eziyisikhombisa emva kokuba usubuthile okwesibuya sakho nokwesikhamo sakho sewayini,
14 wename ngomkhosi wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwamasango akho.