1 “Ungahlabeli uJehova uNkulunkulu wakho inkomo, noma imvu enesici, enokubi okuthile, ngokuba kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.
2 Uma kutholakala phakathi kwakho, ngaphakathi kwelithile lamasango akho uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona, owesilisa noma owesifazane owenza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho ngokweqa isivumelwano sakhe,
3 wahamba, wakhonza abanye onkulunkulu, wakhuleka kubo, noma ilanga, noma inyanga, noma ibandla lezulu, engingayalanga ngakho,
4 besewubikelwa khona, ukuzwe, wokubuzisisa; bheka, uma kuqinisile, leyo nto iqinisekile yokuthi isinengiso esinjalo senziwe kwa-Israyeli,