5 uyakukhiphela lowo wesilisa noma lowo wesifazane owenze leyo nto embi emasangweni akho, lowo wesilisa noma lowo wesifazane umkhande ngamatshe ukuba afe.
6 Ngomlomo wawofakazi ababili noma ngowawofakazi abathathu uyakubulawa lowo ofanele ukufa; ngomlomo wofakazi munye akayikubulawa.
7 Isandla sawofakazi siyakuba ngesokuqala kuye ukumbulala, ngasemuva izandla zabantu bonke. Kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.
8 “Uma kuvela indaba ekwahlulayo, ekwahluleleni phakathi kwegazi negazi, naphakathi kwecala necala, naphakathi kokushaya nokushaya, kuyizindaba zokuphikisana phakathi kwamasango akho, wosuka, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha,
9 uye kubapristi bamaLevi, nakumahluleli oyakuba khona ngalezo zinsuku, ukuze bakutshele isinqumo sokwahlulela,
10 wenze njengezwi lesinqumo abayakukwazisa lona kuleyo ndawo ayakuyikhetha uJehova, uqaphele ukwenza njengakho konke abakufundisa khona;
11 njengezwi lomthetho abayakukufundisa lona nanjengesahlulelo abayakukutshela sona uyakwenza, ungachezukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ekwahluleleni kwabo.