10 Makungafunyanwa kuwe umuntu odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni, noma umbhuli, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo, noma umlumbi,
11 noma owenza iziphonso, noma obhula emadlozini, noma umthakathi, noma umlozikazana.
12 Ngokuba yilowo nalowo ozenza lezi zinto uyisinengiso kuJehova; ngenxa yalezi zinengiso uJehova uNkulunkulu wakho uyabaxosha phambi kwakho.
13 Mawuphelele kuJehova uNkulunkulu wakho.
14 “Ngokuba lezi zizwe oyakuzidla ziyabalalela abahlola imihlola nabanamadlozi; kepha wena uJehova uNkulunkulu wakho akakuvumelanga ukwenza kanjalo.
15 UJehova uNkulunkulu wakho uyakukuvusela umprofethi phakathi kwakho kubafowenu onjengami; nimlalele yena
16 njengakho konke owakufisa kuJehova uNkulunkulu wakho eHorebe ngosuku lomhlangano ngokuthi: ‘Mangingabe ngisalizwa izwi likaJehova uNkulunkulu wami, ngingabe ngisawubona lomlilo omkhulu futhi, funa ngife.’