19 Kuyakuthi yilowo nalowo ongayikulalela amazwi ami ayakuwakhuluma egameni lami, mina ngikufune kuye.
20 Kepha umprofethi oyakukhuluma izwi ngokuziqhenya egameni lami engingamyalanga ukulikhuluma, noma ekhuluma egameni labanye onkulunkulu, lowo mprofethi uyakufa.’
21 “Uma uthi enhliziyweni yakho: ‘Singalazi kanjani izwi uJehova angalikhulumanga na?’
22 yazi-ke ukuthi lokhu umprofethi akukhulumayo egameni likaJehova, bese ingenzeki leyo nto, ingaveli iyiyo leyo nto, akusiye uJehova oyikhulumile; umprofethi uyikhulumile ngokuziqhenya; ungamesabi.