3 “Lokhu kuyakuba yimfanelo yabapristi ephuma kubantu abanikela ngomhlatshelo, noma inkomo noma imvu, ukuba bamnike umpristi umkhono, nemihlathi yombili, nenanzi.
4 Ulibo lwamabele akho, nolwewayini lakho, nolwamafutha akho, nezandulela zoboya bezimvu zakho uyakumnika khona.
5 Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho umkhethile kuzo zonke izizwe zakho ukuba eme, akhonze egameni likaJehova, yena namadodana akhe, kuze kube phakade.
6 “Uma umLevi evela noma kuliphi isango kwa-Israyeli wonke, lapho egogobele khona, afike ngaso sonke isifiso somphefumulo wakhe endaweni uJehova ayakuyikhetha,
7 uyakukhonza egameni likaJehova uNkulunkulu wakhe njengokwenza kwabo bonke abafowabo amaLevi emiyo khona phambi kukaJehova.
8 Ayakuphiwa izabelo ezilingeneyo ngaphandle kwalokho okuvela ngokuthengisa ngefa likayise.
9 “Nxa usufike ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, awuyikufunda ukwenza izinengiso zalezo zizwe.