1 “Lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakunquma izizwe ezizwe lazo uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, bese wuzixosha, wakhe emizini yazo nasezindlini zazo,
2 uyakuzahlukanisela imizi emithathu phakathi kwezwe lakho akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho ukuba ulidle.
3 Uyakuyilungisa indlela, wahlukanise kathathu imikhawulo yezwe lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle, ukuze bonke ababulali babalekele khona.
4 “Nansi indaba yombulali oyakubalekela khona aze aphile: yilowo nalowo obulala umakhelwane wakhe kungengamabomu, ebekade engamzondi,
5 njengomuntu oya ehlathini nomakhelwane wakhe ukugawula imithi, isandla sakhe bese sigalela ngezembe ukunquma umuthi, insimbi iphunyuke emphinini, imshaye umakhelwane wakhe aze afe, lowo uyakubalekela komunye wale mizi aze aphile,
6 funa umphindiseli wegazi amxoshe umbulali isashisa inhliziyo yakhe, amfice, ngokuba indlela inde, amshaye aze afe, noma ebengafanele ukufa, lokhu ebekade engamzondi.