5 njengomuntu oya ehlathini nomakhelwane wakhe ukugawula imithi, isandla sakhe bese sigalela ngezembe ukunquma umuthi, insimbi iphunyuke emphinini, imshaye umakhelwane wakhe aze afe, lowo uyakubalekela komunye wale mizi aze aphile,
6 funa umphindiseli wegazi amxoshe umbulali isashisa inhliziyo yakhe, amfice, ngokuba indlela inde, amshaye aze afe, noma ebengafanele ukufa, lokhu ebekade engamzondi.
7 Ngalokho ngiyakuyala ngokuthi: ‘Uyakuzahlukanisela imizi emithathu.’
8 “Uma uJehova uNkulunkulu wakho ewandisa umkhawulo wakho njengokufunga kwakhe koyihlo, akunike lonke izwe athembisa ukubanika lona oyihlo,
9 uma ugcina yonke le miyalo ukuba uyenze, engikuyala ngakho namuhla, umthande uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe njalo ngezindlela zakhe, wozithasiselela eminye imizi emithathu ngaphandle kwaleyo emithathu
10 ukuba igazi elingenacala lingachithwa phakathi kwezwe lakini akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho libe yifa lakho, bese kuba yigazi phezu kwakho.
11 “Kepha uma umuntu emzonda umakhelwane wakhe, emqamekela, amvukele, amshaye aze afe, abalekele komunye wale mizi,