15 Futhi isandla sikaJehova sasimelene nawo ukuwachitha phakathi kwekamu,* aze aphela.
16 “Kwathi onke amadoda empi esephelile afa phakathi kwabantu,
17 uJehova wakhuluma kimi, wathi:
18 ‘Wena uyakuwela i-Ari, umkhawulo wakwaMowabi;
19 lapho ususondela malungana nabantwana bakwa-Amoni, ungabakhathazi, ungalwi nabo, ngokuba angiyikukunika izwe labantwana bakwa-Amoni libe yifa lenu, lokhu ngibanikile lona abantwana bakwaLoti libe yifa labo.’ ”
20 Nalelo lithiwa izwe lamaRefa; amaRefa ahlala khona kuqala; kepha abakwa-Amoni bawabiza ngokuthi amaZamuzumi,
21 abantu abakhulu, abaningi, abade njengama-Anaki; kepha uJehova wabachitha phambi kwabo; babaxosha, bakha esikhundleni sabo,