33 UJehova uNkulunkulu wethu wamnikela phambi kwethu, samnqoba yena namadodana akhe nabantu bakhe bonke.
34 Sathatha yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi, sachitha saqeda yonke imizi enamadoda nabesifazane nezingane; asishiyanga muntu;
35 izinkomo kuphela sazithathela zona zaba yimpango yethu kanye nempango yemizi esasiyithathile.
36 Kusukela e-Aroweri elisosebeni lomfula i-Arinoni nasemzini osesigodini kuze kube kwaGileyadi akubangakho muzi owasahlula ngokuphakama; uJehova uNkulunkulu wethu wayinikela yonke phambi kwethu;
37 izwe labantwana bakwa-Amoni nokho awusondelanga kulo, uhlangothi lomfula iJakobi, nemizi esezintabeni, nakuphi lapho uNkulunkulu wasenqabela khona.