6 Niyakuthenga kubo ukudla ngemali ukuba nidle, nithenge kubo futhi amanzi ngemali ukuba niphuze.” ’
7 “Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ukubusisile emsebenzini wonke wesandla sakho; ukwazile ukuhamba kwakho kuleli hlane elikhulu; nakule minyaka engamashumi amane uJehova uNkulunkulu wakho waba nawe, awuswelanga lutho.
8 “Sase sidlula sisuka kubafowethu, abantwana bakwa-Esawu abahlala eSeyiri, sashiya indlela yase-Araba, ne-Elati, ne-Esiyoni Geberi. Saphenduka sadlula ngendlela yasehlane lakwaMowabi.
9 “UJehova wayesethi kimi: ‘Ungakhathazi uMowabi, ungalwi nabo ekulweni, ngokuba angiyikukunika izwe lakhe libe yifa, lokhu ngibanikile abantwana bakwaLoti i-Ari libe yifa labo.’ ”
10 Kwakuhlala khona kuqala ama-Emi, abantu abakhulu, abaningi, abade njengama-Anaki;
11 laba bathiwa namaRefa njengama-Anaki, kepha abakwaMowabi bababiza ngokuthi ama-Emi.
12 AmaHori nawo ayehlala eSeyiri kuqala, kepha abantwana bakwa-Esawu bawaxosha, bawachitha phambi kwabo, bakha esikhundleni sawo njengalokho u-Israyeli enza kulo izwe elaliyifa lakhe, aphiwe lona nguJehova.