1 “Nxa uphuma impi ukuhlasela izitha zakho, bese wubona amahhashi, nezinqola, nabantu abaningi kunawe, ungabesabi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe, yena owakukhuphula ezweni laseGibithe.
2 Kuyakuthi lapho nisondela empini, afike umpristi, akhulume kubantu, athi kubo:
3 ‘Yizwa, Israyeli! Nisondela namuhla empini ukuhlasela izitha zenu; inhliziyo yenu mayingadangali, ningesabi, ningaqhaqhazeli, ningashaywa luvalo phambi kwazo,
4 ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho nguye ohamba nani, anilwele nezitha zenu ukuba anisindise.’
5 “Izinduna ziyakukhuluma kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owakhile indlu entsha engayivulanga na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, omunye umuntu ayivule.
6 Ngumuphi umuntu otshalile isivini engadlanga izithelo zaso na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, omunye umuntu asidle.