12 Uma ungenzi ukuthula kuwe kepha ukuhlasela, uyakuwuvimbezela,
13 nalapho uJehova uNkulunkulu wakho ewunikela esandleni sakho, uyakushaya bonke abesilisa bawo ngosiko lwenkemba,
14 kepha abesifazane, nabantwana, nezinkomo, nakho konke okusemzini, yebo, yonke impango yawo, uyakukuthatha kube yimpango yakho, uyidle impango yezitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho akunike yona.
15 Uyakwenze njalo kuyo yonke imizi ekude kakhulu nawe, engesiyo imizi yalezi zizwe.
16 “Kodwa emizini yalaba bantu uJehova uNkulunkulu wakho akunika bona babe yifa lakho awuyikusindisa lutho oluphefumulayo,
17 kepha uyakubabhubhisa nokubabhubhisa: amaHeti, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi njengokukuyala kukaJehova uNkulunkulu wakho,
18 ukuze banganifundisi ukuba nenze zonke izinengiso zabo abazenzile konkulunkulu babo, none kuJehova uNkulunkulu wenu.