15 “Uma umuntu enabafazi ababili, omunye ethandeka omunye aliwa, bamzalele abantwana, othandekayo nowaliwayo, bese kuthi indodana eyizibulo ingeyowaliwayo,
16 kuyakuthi mhla ewahlukanisela amadodana akhe ifa analo, makangayenzi indodana yentandokazi izibulo phambi kwendodana yesaliwakazi okuyiyona eyizibulo,
17 kepha avume ukuba indodana yowaliwayo ibe yizibulo ngokuyinika isabelo esiphindiweyo sakho konke anakho, ngokuba yona ingukuqala kwamandla akhe; ilungelo lezibulo lingelayo.
18 “Uma umuntu enendodana enenkani nengezwayo, engalaleli izwi likayise noma izwi likanina, engalaleli noma beyilaya,
19 uyise nonina bayakuyibamba, bayiyise kumalunga omuzi wakubo nasesangweni lendawo yakubo,
20 bathi kumalunga omuzi: ‘Le ndodana yethu inenkani, ayizwa, ayilaleli izwi lethu; iyisishingi nesidakwa.’
21 Onke amadoda omuzi wakubo ayakumkhanda ngamatshe aze afe; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho, wonke u-Israyeli ezwe, esabe.