4 amalunga alowo muzi asehlisele leso sithokazi esigodini esinamanzi ampompozayo, esingalinywanga, singatshalwanga, ayaphule intamo yesithokazi lapho esigodini;
5 abapristi, amadodana kaLevi, bayakusondela, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ubakhethile ukuba bamkhonze, babusise egameni likaJehova; ngezwi labo konke ukuxabana nokushaya kuyakunqunywa;
6 onke amalunga alowo muzi oseduze nobuleweyo ayakuhlamba izandla zawo phezu kwesithokazi esaphulelwe intamo esigodini,
7 aphendule athi: ‘Izandla zethu azichithanga leli gazi, namehlo ethu awakubonanga.
8 Thethelela, Jehova, abantwana bakho u-Israyeli obahlengileyo, ungavumeli igazi elingenacala phakathi kwabantu bakho u-Israyeli,’ bese bethethelelwa igazi lelo.
9 Kanjalo uyakukhipha igazi elingenacala phakathi kwakho, ngokuba uyakwenza okulungile emehlweni kaJehova.
10 “Lapho uphuma impi ukuhlasela izitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho azinikela ezandleni zakho, uzithumbe,