2 Uma umfowenu engeseduze nawe noma ungamazi, woziyisa endlini yakho zibe nawe, aze azifune umfowenu, uzibuyisele kuye.
3 Uyakwenza kanjalo nangembongolo yakhe, wenze njalo nangezingubo zakhe, wenze njalo ngazo zonke izinto ezilahlekileyo zomfowenu alahlekelwa yizo, wazithola, uze ungacashi.
4 “Awuyikubona imbongolo yomfowenu noma inkabi yakhe iwile endleleni, ucashe kuzo; womsiza nokumsiza ukuzivusa.
5 “Owesifazane makangagqoki okwendoda, nendoda mayingembathi ingubo yowesifazane, ngokuba yilowo nalowo okwenza lokho uyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.
6 “Uma uhlangana nesidleke senyoni endleleni phambi kwakho emthini noma siphansi, sinamazinyane noma sinamaqanda, unina efukamele amazinyane noma amaqanda, ungathathi unina kanye namazinyane,
7 kepha uvumele unina ukuba asuke, wena uzithathele amazinyane ukuba kube kuhle kuwe, uzandise izinsuku zakho.
8 “Nxa wakha indlu entsha, uyakwenza uthango ophahleni lwakho ukuba ungayehliseli indlu yakho igazi, uma umuntu ewa khona.