5 “Owesifazane makangagqoki okwendoda, nendoda mayingembathi ingubo yowesifazane, ngokuba yilowo nalowo okwenza lokho uyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.
6 “Uma uhlangana nesidleke senyoni endleleni phambi kwakho emthini noma siphansi, sinamazinyane noma sinamaqanda, unina efukamele amazinyane noma amaqanda, ungathathi unina kanye namazinyane,
7 kepha uvumele unina ukuba asuke, wena uzithathele amazinyane ukuba kube kuhle kuwe, uzandise izinsuku zakho.
8 “Nxa wakha indlu entsha, uyakwenza uthango ophahleni lwakho ukuba ungayehliseli indlu yakho igazi, uma umuntu ewa khona.
9 “Awuyikutshala isivini sakho ngezinhlobo ezimbili zembewu, funa zonke izithelo zibe ngezendlu engcwele, imbewu owayitshalayo nezithelo zesivini.
10 “Awuyikulima ngenkabi iboshelwe kanye nembongolo.
11 “Awuyikugqoka ingubo eyizinhlobonhlobo zezintanjana, uboya bezimvu buhlanganisiwe nelineni.