7 “Unganengwa ngowakwa-Edomi, ngokuba ungumfowenu; awuyikunengwa ngowaseGibithe, ngokuba wawungumfokazi ezweni lakubo.
8 Abantwana besizukulwane sesithathu abazalwa yibo bayakungena ebandleni likaJehova.
9 “Lapho usekamu* ukuba ulwe nezitha zakho, wozigcina kukho konke okubi.
10 Uma ekhona phakathi kwenu umuntu ongahlambulukile ngenxa yokumehleleyo ebusuku, uyakuphumela ngaphandle kwekamu, angangeni phakathi kwekamu,
11 kepha ngakusihlwa uyakugeza ngamanzi, nanxa selishonile ilanga, uyakungena ekamu.
12 “Makube khona indawo ngaphandle kwekamu, lapho uyakuphumela khona ukuya ngaphandle,
13 ube nesimbo ezikhalini zakho; kuyakuthi lapho uya ngaphandle, umbe ngaso, ubuye usibekele okuphumile kuwe,