9 “Lapho usekamu* ukuba ulwe nezitha zakho, wozigcina kukho konke okubi.
10 Uma ekhona phakathi kwenu umuntu ongahlambulukile ngenxa yokumehleleyo ebusuku, uyakuphumela ngaphandle kwekamu, angangeni phakathi kwekamu,
11 kepha ngakusihlwa uyakugeza ngamanzi, nanxa selishonile ilanga, uyakungena ekamu.
12 “Makube khona indawo ngaphandle kwekamu, lapho uyakuphumela khona ukuya ngaphandle,
13 ube nesimbo ezikhalini zakho; kuyakuthi lapho uya ngaphandle, umbe ngaso, ubuye usibekele okuphumile kuwe,
14 ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyahamba phakathi kwekamu ukukophula nokunikela izitha zakho phambi kwakho; ngalokho ikamu lakho liyakuba ngcwele ukuba angaboni into engcolileyo kuwe, akufulathele.
15 “Unganikeli kumniniso isigqila esibalekile kumniniso seza kuwe.