12 womnquma isandla, iso lakho lingabi namhawu.
13 “Makungabikho esikhwameni sakho izisindo ezahlukeneyo, esikhulu nesincane.
14 Makungabikho endlini yakho izilinganiso ezahlukeneyo, esikhulu nesincane.
15 Woba nesisindo esipheleleyo nesilungileyo, futhi ube nesilinganiso esipheleleyo nesilungileyo ukuba izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.
16 Ngokuba bonke abenza kanjalo, bonke abenza ukungalungi, bayisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.
17 “Khumbula akwenzayo kuwe u-Amaleki endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe
18 ukuthi wakuhlangabeza endleleni, washaya abasemva kwakho, bonke ababebuthakathaka emva kwakho, lapho usukhathele, uphelile amandla; kamesabanga uJehova.