12 “Lapho uqedile ukuthatha okweshumi kwezithelo zakho ngomnyaka wesithathu ongumnyaka wokweshumi, usumnike uLevi khona, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi ukuba badle phakathi kwamasango akho, basuthe,
13 uyakuthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho: ‘Ngikhiphile izinto ezingcwele endlini yami, ngamnika zona uLevi, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi njengayo yonke imiyalo ongiyale ngayo; angiweqanga nowodwa wemiyalo yakho, futhi angiyikhohlwanga.
14 Angikudlanga ekulileni kwami, angisusanga lutho ngingcolile, anginikelanga ngakho kofileyo; ngilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wami, ngenzile njengakho konke ongiyale ngakho.
15 Bheka phansi usezindlini zakho ezingcwele ezulwini, ubusise abantu bakho u-Israyeli nomhlaba osinike wona njengokufunga kwakho kobaba, izwe elivame ubisi nezinyosi.’
16 “Namuhla uJehova uNkulunkulu wakho uyakuyala ukwenza lezi zimiso nezahlulelo; ngalokho wozigcina, uzenze ngayo yonke inhliziyo yakho.
17 Umqinisele namuhla uJehova ukuthi uyakuba nguNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nililalele izwi lakhe;
18 uJehova ukuqinisele namuhla ukuthi uyakuba yisizwe senzuzo yakhe njengokukwethembisa kwakhe, ugcine yonke imiyalo yakhe,