5 Wena uyakuphendula, uthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho: ‘Ubaba wayengumAramu ozulayo, wehlela eGibithe, wagogobala khona nabantu abayingcosana; waba yisizwe khona, esikhulu, nesinamandla, nesiningi;
6 abaseGibithe basiphatha kabi, basihlupha, basithwesa ubugqili obulukhuni;
7 sase sikhala kuJehova uNkulunkulu wawobaba, uJehova walizwa izwi lethu, wabona ukuhlupheka kwethu, nomshikashika wethu, nokucindezelwa kwethu;
8 uJehova wasikhipha eGibithe ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo, nangezenzo ezesabekayo nezinkulu, nangezibonakaliso, nangezimangaliso,
9 wasiletha kule ndawo, wasinika leli zwe, izwe elivame ubisi nezinyosi.
10 Manje-ke, bheka, sengilethile ulibo lwezithelo zomhlaba onginike wona wena Jehova;’ bese wukubeka phansi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, ukhuleke phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho,
11 wename ngakho konke okuhle uJehova uNkulunkulu wakho akunikile khona wena nendlu yakho, wena nomLevi, nomfokazi ophakathi kwakho.