6 abaseGibithe basiphatha kabi, basihlupha, basithwesa ubugqili obulukhuni;
7 sase sikhala kuJehova uNkulunkulu wawobaba, uJehova walizwa izwi lethu, wabona ukuhlupheka kwethu, nomshikashika wethu, nokucindezelwa kwethu;
8 uJehova wasikhipha eGibithe ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo, nangezenzo ezesabekayo nezinkulu, nangezibonakaliso, nangezimangaliso,
9 wasiletha kule ndawo, wasinika leli zwe, izwe elivame ubisi nezinyosi.
10 Manje-ke, bheka, sengilethile ulibo lwezithelo zomhlaba onginike wona wena Jehova;’ bese wukubeka phansi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, ukhuleke phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho,
11 wename ngakho konke okuhle uJehova uNkulunkulu wakho akunikile khona wena nendlu yakho, wena nomLevi, nomfokazi ophakathi kwakho.
12 “Lapho uqedile ukuthatha okweshumi kwezithelo zakho ngomnyaka wesithathu ongumnyaka wokweshumi, usumnike uLevi khona, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi ukuba badle phakathi kwamasango akho, basuthe,