39 Uyakutshala izivini, uzisebenze, kepha awuyikuliphuza iwayini, ungabuthi izithelo zomvini, ngokuba umswenya uyakuzidla.
40 Uyakuba neminqumo phakathi kwemikhawulo yakho yonke, ungazigcobi nokho ngamafutha, ngokuba izithelo zeminqumo yakho ziyakuvuthuluka.
41 Uyakuzala amadodana namadodakazi, kepha awayikuba ngawakho, ngokuba ayakuthunjwa.
42 Yonke imithi yakho nezithelo zomhlabathi wakho kuyakudliwa yisikhonyane.
43 “Umfokazi ophakathi kwakho uyakuphakama phezu kwakho njalonjalo, wena wehle njalonjalo.
44 Uyakukutsheleka wena, awuyikumtsheleka yena; yena uyakuba yinhloko, wena ube ngumsila.
45 “Zonke lezi ziqalekiso ziyakukwehlela, zikuxoshe, zikufice, uze ubhujiswe, ngokuba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba ugcine imiyalo yakhe nezimiso zakhe abekuyala ngakho,