44 Uyakukutsheleka wena, awuyikumtsheleka yena; yena uyakuba yinhloko, wena ube ngumsila.
45 “Zonke lezi ziqalekiso ziyakukwehlela, zikuxoshe, zikufice, uze ubhujiswe, ngokuba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba ugcine imiyalo yakhe nezimiso zakhe abekuyala ngakho,
46 zibe phezu kwakho isibonakaliso nesimangaliso, naphezu kwenzalo yakho kuze kube phakade.
47 Lokhu ungamkhonzanga uJehova uNkulunkulu wakho ngokujabula nangokwenama kwenhliziyo ngenxa yobuningi bezinto,
48 uyakuzikhonza izitha zakho uJehova ayakuzithuma kuwe ngokulamba, nangokoma, nangobunqunu, nangokuswela izinto zonke, abeke ijoka lensimbi entanyeni yakho, aze akubhubhise.
49 “UJehova uyakukuthumela isizwe esivela kude ekugcineni komhlaba njengokundiza kokhozi, isizwe ongayikuqonda ulimi lwaso,
50 isizwe esinobuso obujamayo, esingayikunakekela ubuso bomdala, singabi namusa komusha.