13 insali yakwaGileyadi, nalo lonke iBashani, umbuso ka-Ogi, nganika lokho inxenye yesizwe sakwaManase, sonke isifunda sase-Arigobi neBashani lonke elibizwa ngokuthi izwe lamaRefa.
14 UJayire indodana kaManase wathatha sonke isifunda sase-Arigobi kuze kube semkhawulweni wamaGeshuri nowamaMahakhathi, wasibiza -- lona iBashani -- ngegama lakhe ngokuthi iHawoti Jayire kuze kube namuhla.
15 Ngamnika uMakiri elakwaGileyadi.
16 AbakwaRubeni nabakwaGadi ngabanika okusukela kwaGileyadi kuze kube sesigodini sase-Arinoni phakathi nesigodi kwaba ngumkhawulo nasemfuleni iJakobi elingumkhawulo wabantwana bakwa-Amoni,
17 ne-Araba futhi, neJordani elingumkhawulo, kusukela eKinereti kuze kube seLwandle lwase-Araba, uLwandle Lukasawoti, phansi kwemithambeka yasePisiga ngasempumalanga.
18 “Ngaleso sikhathi nganiyala ngathi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu uninikile leli zwe ukuba nilidle; niyakuwela nihlomile phambi kwabafowenu, abantwana bakwa-Israyeli, nonke eningamadoda anesibindi.
19 Kepha omkenu, nabancane benu, nezinkomo zenu -- ngiyazi ukuthi ninezinkomo eziningi -- bayakuhlala emizini yenu engininike yona,