3 “UJehova uNkulunkulu wethu wayesenikela esandleni sethu naye u-Ogi inkosi yaseBashani nabantu bakhe bonke; samnqoba, akwaze kwasala muntu kuye.
4 Sathatha yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi; akubangakho muzi esingawuthathanga kubo: imizi engamashumi ayisithupha, sonke isifunda sase-Arigobi, umbuso ka-Ogi eBashani.
5 Yonke lena yayiyimizi ebiyelwe ngezingange eziphakemeyo, namasango, nemigoqo, ngaphandle kwemizana eminingi kakhulu.
6 Sayichitha sayiqeda, njengalokho senza kuSihoni inkosi yaseHeshiboni, sichitha siqeda yonke imizi enamadoda nabesifazane nezingane.
7 Kepha izinkomo nempango yemizi sakuthatha kwaba yimpango yethu.
8 “Salithatha ngaleso sikhathi izwe esandleni samakhosi ama-Amori aphesheya kweJordani, kusukela esigodini sase-Arinoni kuze kube sentabeni yaseHermoni
9 eliyiHermoni elibizwa ngamaSidoni ngokuthi iSiriyoni nama-Amori alibiza ngokuthi iSeniri