3 khona uJehova uNkulunkulu wakho uyakubuyisa ukuthunjwa kwakho, akuhawukele, abuye akubuthe ezizweni zonke, lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekuhlakazele khona.
4 Uma ekhona oxoshelwe nasekugcineni kwezulu, uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubutha khona, akulande khona,
5 uJehova uNkulunkulu wakho akungenise ezweni oyihlo abalidlayo, ulidle; uyakukwenzela okuhle, akwandise ngaphezu kwawoyihlo.
6 UJehova uNkulunkulu wakho uyakusoka inhliziyo yakho nenhliziyo yenzalo yakho ukumthanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho ukuba uphile.
7 UJehova uNkulunkulu wakho uyakuzibeka zonke lezi ziqalekiso phezu kwezitha zakho naphezu kwabakuzondayo ababekuzingela.
8 Uyakubuya, ulilalele izwi likaJehova, uyenze yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla.
9 UJehova uNkulunkulu wakho uyakukwandisa emisebenzini yonke yesandla sakho, nasenzalweni yesisu sakho, nasenzalweni yezinkomo zakho, nasezithelweni zomhlabathi wakho, kube kuhle, ngokuba uJehova uyakubuye athokoze ngawe ukuba kube kuhle njengokuthokoza kwakhe ngawoyihlo,