9 UJehova uNkulunkulu wakho uyakukwandisa emisebenzini yonke yesandla sakho, nasenzalweni yesisu sakho, nasenzalweni yezinkomo zakho, nasezithelweni zomhlabathi wakho, kube kuhle, ngokuba uJehova uyakubuye athokoze ngawe ukuba kube kuhle njengokuthokoza kwakhe ngawoyihlo,
10 uma ulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ugcine imiyalo yakhe nezimiso zakhe ezilotshwe kule ncwadi yomthetho, uma ubuyela kuJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho.
11 “Ngokuba lo myalo engikuyala ngawo namuhla awulukhuni kuwe, awukude.
12 Awusezulwini ukuba uthi: ‘Ngubani oyakusikhuphukelela ezulwini, asilethele wona, siwuzwe, siwenze, na?’
13 Futhi awuphesheya kolwandle ukuba uthi: ‘Ngubani oyakusiwelela ulwandle, asilethele wona, siwuzwe, siwenze, na?’
14 Cha, izwi liseduze kakhulu nawe, lisemlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho ukuba ulenze.
15 “Bheka, ngibeke namuhla phambi kwakho ukuphila nokuhle, ukufa nokubi,