22 UMose wayeseloba leli hubo ngalona lolo suku, walifundisa abantwana bakwa-Israyeli.
23 Wamyala uJoshuwa indodana kaNuni, wathi: “Qina, ume isibindi, ngokuba wena uyakubangenisa abantwana bakwa-Israyeli ezweni engalifungela bona; mina ngiyakuba nawe.”
24 Kwathi lapho uMose eseqedile ukuloba amazwi alo mthetho encwadini aze aphela,
25 uMose wawayala amaLevi ayethwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, wathi:
26 “Thathani le ncwadi yomthetho, niyibeke ngaseceleni komphongolo wesivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu, ibe khona, ibe ngufakazi, imelane nani.
27 Ngokuba mina ngiyakwazi ukwambuka kwakho nentamo yakho elukhuni; bheka, ngisekhona nani namuhla niyahlubuka uJehova; kuyakuba kakhulu kangakanani emva kokufa kwami na?
28 Ngibuthele onke amalunga ezizwe zenu nezinduna zenu ukuba ngikhulume lawa mazwi ezindlebeni zazo, ngifakazise izulu nomhlaba ngazo.