6 Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningashaywa luvalo ngabo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho nguyena ohamba nawe; akayikukuyeka, akushiye.”
7 UMose wambiza uJoshuwa, wathi kuye emehlweni abantu bonke bakwa-Israyeli: “Qina, ume isibindi, ngokuba uyakuhamba nalaba bantu, uye ezweni uJehova afunga koyise ukubanika lona; wena uyakwenza ukuba balidle ifa lalo.
8 UJehova nguye ohamba phambi kwakho; uyakuba nawe; akayikukuyeka, akushiye; ungesabi, ungabi nangebhe.”
9 UMose waloba lowo mthetho, wabanika wona abapristi, amadodana kaLevi, ababethwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova namalunga onke akwa-Israyeli.
10 UMose wabayala wathi: “Ngasekugcineni kweminyaka eyisikhombisa njalo, ngesikhathi esinqunyiweyo somnyaka woyekelo ngomkhosi wamadokodo,
11 lapho wonke u-Israyeli efike ukubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha, wofunda lo mthetho phambi kuka-Israyeli wonke ezindlebeni zakhe.
12 Butha abantu, amadoda, nabesifazane, nabantwana, nomfokazi wakho ophakathi kwamasango akho ukuba bezwe, bafunde, bamesabe uJehova uNkulunkulu wakho, baqaphele ukuwenza onke amazwi alo mthetho,