1 “Bekani indlebe nina mazulu, ngiyakukhuluma;umhlaba mawuzwe amazwi omlomo wami.
2 Imfundiso yami iyakuconsa njengemvula,inkulumo yami ichiche njengamazolo,njengomkhizo ohlazeni,nanjengezihlambi etshanini,
3 ngokuba ngiyakumemezela igama likaJehova:mnikeni uNkulunkulu wethu ubukhulu.
4 “Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele,ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga;unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala;ulungile, uqotho yena.
5 “Bonile kuye;abasibo abantwana bakhe, kuyisici sabo;bayisizukulwane esiphambeneyo nesiyisigwegwe.