2 Imfundiso yami iyakuconsa njengemvula,inkulumo yami ichiche njengamazolo,njengomkhizo ohlazeni,nanjengezihlambi etshanini,
3 ngokuba ngiyakumemezela igama likaJehova:mnikeni uNkulunkulu wethu ubukhulu.
4 “Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele,ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga;unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala;ulungile, uqotho yena.
5 “Bonile kuye;abasibo abantwana bakhe, kuyisici sabo;bayisizukulwane esiphambeneyo nesiyisigwegwe.
6 UJehova nimvuza kanjalonina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile na?Akasiye uyihlo owakudala na?Wakwenza, wakubumba.
7 “Khumbula izinsuku zasendulo,ubheke iminyaka yezizukulwane ngezizukulwane;buza kuyihlo, uyakukulandisa,nasemalungeni akho, akutshele.
8 Lapho oPhezukonke wazinika izizwe ifa lazo,lapho wahlukanisa abantwana babantu,wamisa imikhawulo yezizwenjengokomumo wabantwana bakwa-Israyeli.