24 Bayakuphela indlala,baqedwe ngukushisa komzimba,nayisifo esibuhlungu,ngibathumele amazinyo ezilwane,kanye nesihlungu sezikhasayo othulini.
25 Ngaphandle inkemba iyakwaphuca,ingebhe phakathi emakamelweni:izinsizwa nezintombi,oncelayo kanye nempunga.
26 Bengiyakuthi: “Ngiyakubaphephula,ngiqede inkumbulo yabo kubantu,”
27 uma bengingesabi ukuncokoloza kwezitha,funa abamelene nabo baduke,funa bathi: “Isandla sethu siphakeme,uJehova akenzanga konke lokhu.” ’
28 “Ngokuba bayisizwe esimasu aso aphelile,akukho ukuqonda kubo.
29 Sengathi nga behlakaniphileukuba bakuqonde lokho,bazindle ngokugcina kwabo.
30 Emunye angaxosha kanjani inkulungwane;ababili bangabhengula kanjaniizinkulungwane eziyishumi,uma iDwala labo lingathengisanga ngabo,uJehova ebengabakhapheli, na?