32 Ngokuba umvini waboungumvini waseSodomanowamasimu aseGomora;izithelo zabo ziyizithelo zenyongo,amahlukuzo abo amunyu;
33 iwayini labo liyisihlungu sawodrako,*lingubuthi obesabekayo bamabululu.
34 Lokho akubekelelwe kimina,kunamathelisiwe engcebeni yami na?
35 Ngeyami impindiselo nembuyiselongesikhathi sokushelela konyawo lwabo,ngokuba usuku lwabo lwengozi selusondele,izinto abazilungiselweyo ziyakuphuthuma.
36 “Ngokuba uJehova uyakubahlulela abantu bakhe,azihawukele izinceku zakhe,lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile,kungekho omunye ovalelweyo noma okhululekileyo.
37 Uyakuthi: ‘Baphi onkulunkulu babo,idwala ababephephela kulo,
38 ababedla amanoni emihlatshelo yabo,beliphuza iwayinilomnikelo wabo wokuphuzwa, na?Mabavuke, banisize,babe yisivikelo senu.