41 uma ngilola inkemba yami ebenyezelayo,nesandla sami sibambelela ekwahluleleni,ngiyakubuyisela impindiselo kwabamelene nami,ngibaphindisele abangizondayo.’
42 “Ngiyakudakisa imicibisholo yami ngegazi,inkemba yami idle inyama,ngegazi lababuleweyo nelabathunjwa,kuqala kuwo amakhanda abaholi bezitha.
43 Yenanelani abantu bakhe nina zizwe,ngokuba uyakuphindisela igazi lezinceku zakhe,abuyisele impindiselo kwabamelene naye,enzele izwi lakhe nabantu bakhe ukubuyisana.”
44 UMose wafika wakhuluma onke amazwi aleli hubo ezindlebeni zabantu, yena noJoshuwa indodana kaNuni.
45 UMose eseqedile ukukhuluma onke lawa mazwi kubo bonke abakwa-Israyeli
46 wathi kubo: “Bekani inhliziyo yenu kuwo onke amazwi engiwafakazela kini namuhla, eniyakuyala ngawo abantwana benu ukuba baqaphele ukuwenza amazwi onke alo mthetho.
47 Ngokuba akusiyo into eyize kini; lokho kungukuphila kwenu, nangale nto niyakuzandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.”