13 NgoJosefa wathi:“Izwe lakhe malibusiswe nguJehovangamagugu asezulwini, nangamazolo,nangotwa olwenabileyo phansi,
14 nangamagugu ezithelo zelanga,nangamagugu ezinhlamvu zenyanga,
15 nangezinto ezinqabileyo zezintaba zamandulo,nangamagugu amagquma angunaphakade,
16 nangamagugu omhlaba nokugcwala kwawo,nangentando enhle yowahlala esihlahleni;isibusiso masifike ekhanda likaJosefanasokhakhayini lowahlukaniswa nabafowabo.
17 Izibulo lenkunzi yakhe liludumo lwakhe,nezimpondo zenyathi ziyizimpondo zakhe;uyakuqhubukusha ngazo izizwe zonke ekugcineni komhlaba;zinjalo izigidi zakwa-Efrayimi,zinjalo izinkulungwane zakwaManase.”
18 NgoZebuloni wathi:“Yenama, Zebuloni, ekuphumeni kwakho,nawe Isakare, ematendeni akho.
19 Bayakubizela izizwe entabeni,bahlabele khona imihlatshelo yokulunga;ngokuba bayakumunca inala yezilwandle,nengcebo ethukusiweyo yesihlabathi.”