16 nangamagugu omhlaba nokugcwala kwawo,nangentando enhle yowahlala esihlahleni;isibusiso masifike ekhanda likaJosefanasokhakhayini lowahlukaniswa nabafowabo.
17 Izibulo lenkunzi yakhe liludumo lwakhe,nezimpondo zenyathi ziyizimpondo zakhe;uyakuqhubukusha ngazo izizwe zonke ekugcineni komhlaba;zinjalo izigidi zakwa-Efrayimi,zinjalo izinkulungwane zakwaManase.”
18 NgoZebuloni wathi:“Yenama, Zebuloni, ekuphumeni kwakho,nawe Isakare, ematendeni akho.
19 Bayakubizela izizwe entabeni,bahlabele khona imihlatshelo yokulunga;ngokuba bayakumunca inala yezilwandle,nengcebo ethukusiweyo yesihlabathi.”
20 NgoGadi wathi:“Makabusiswe owandisa uGadi:uhlezi njengengonyamakazi,udwengula ingalo nokhakhayi.
21 Wazikhethela isabelo sokuqala,ngokuba sasigodliwe lapho isabelo somahluleli;wahamba nezinhloko zabantu,wafeza ukulunga kukaJehova,nezahlulelo zakhe kanye no-Israyeli.”
22 NgoDani wathi:“UDani uyibhongo lengonyama, elixhumayo, liphuma eBashani.”