3 UJehova akasenzanga lesi sivumelwano nawobaba, wasenza nathi, yebo, thina esikhona lapha sonke namuhla siphilile.
4 UJehova wakhuluma kinina ubuso nobuso entabeni ephakathi komlilo.
5 Mina ngema phakathi kukaJehova nani ngaleso sikhathi ukunazisa izwi likaJehova, ngokuba nesaba ngenxa yomlilo, anakhuphukela entabeni. Wathi:
6 “ ‘NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.
7 “ ‘Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.
8 “ ‘Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo zomfanekiso wokusezulwini phezulu, nokusemhlabeni phansi, nokusemanzini phansi komhlaba;
9 ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,