1 “Lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakukungenisa ezweni oya kulo ukulidla, axoshe izizwe eziningi phambi kwakho, amaHeti, namaGirigashi, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, izizwe eziyisikhombisa ezinkulu nezinamandla kunawe,
2 nalapho uJehova uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho, uzinqobe, wozichitha nokuzichitha, ungenzi isivumelwano nazo, ungabi namusa kuzo,
3 ungaganiselani nazo, ungayiniki indodana yakhe indodakazi yakho, ungathatheli indodana yakho indodakazi yakhe.
4 Ngokuba uyakuphambukisa indodana yakho ekungilandeleni ukuba bakhonze abanye onkulunkulu, intukuthelo kaJehova ikuvuthele, akuchithe masinyane.
5 Niyakubaphatha kanje: niyakudiliza ama-altare abo, niphohloze izinsika zabo, ninqume o-Ashera* babo, nishise ngomlilo izithombe zabo ezibaziweyo.
6 Ngokuba uyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho: uJehova uNkulunkulu wakho ukukhethile ukuba ube yisizwe senzuzo yakhe phezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.