21 Ngase ngithatha isono senu, ithole enanilenzile, ngalishisa ngomlilo, ngaligxoba, ngaligayisisa laze laba njengothuli, ngaphonsa uthuli lwalo emfudlaneni owehla entabeni.
22 “EThabehera naseMasa naseKibiroti Hathawa namthukuthelisa uJehova.
23 “Nalapho uJehova enithuma, nisuka eKadeshi Barineya, ngokuthi: ‘Khuphukani, nilidle izwe engininike lona,’ nahlubuka ezwini likaJehova uNkulunkulu wenu, anikholwanga nguye, analalela izwi lakhe.
24 Nimhlubukile uJehova kusukela osukwini enganiqabuka ngalo.
25 “Ngawela phansi phambi kukaJehova lezo zinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane engawa ngazo, ngokuba uJehova wayeshilo ukuthi uyakunibhubhisa.
26 Ngakhuleka kuJehova, ngathi: ‘Jehova Nkulunkulu, ungabhubhisi abantu bakho nefa lakho olihlengile ngobukhulu bakho, walikhipha eGibithe ngesandla esinamandla.
27 Khumbula izinceku zakho o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ungabheki inkani yalaba bantu, nabubi babo, nasono sabo,