6 Yazi-ke uJehova uNkulunkulu wakho akakuniki leli zwe elihle ukuba ulidle ngenxa yokulunga kwakho, ngokuba uyisizwe esintamo ilukhuni.
7 “Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uJehova uNkulunkulu wakho ehlane; kusukela osukwini owaphuma ngalo ezweni laseGibithe waze wafika kule ndawo nanizinge nihlubuka kuJehova.
8 NaseHorebe namthukuthelisa uJehova, uJehova wanithukuthelela ukuba anibhubhise.
9 Lapho sengikhuphukele entabeni ukuba ngamukele izibhebhe zamatshe, izibhebhe zesivumelwano uJehova asenza nani, ngahlala entabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi.
10 UJehova wanginika lezo zibhebhe ezimbili zamatshe, zilotshwe ngomunwe kaNkulunkulu; kwakulotshwe kuzona njengamazwi onke uJehova awakhuluma kini entabeni, ephakathi komlilo ngosuku lokuhlangana.
11 “Kwathi ngasekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane uJehova wanginika izibhebhe zombili zamatshe, izibhebhe zesivumelwano.
12 UJehova wathi kimi: ‘Vuka wehle lapha masinyane, ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibithe bonile, baphambukile masinyane endleleni engabayala ngayo; bazenzele isithombe esibunjiweyo.’