1 Isiprofetho owasibonayo uHabakuki umprofethi.
2 Ngiyakukuncenga kuze kube nini,Jehova, ungezwa,ngikhala ngendluzula, ungasindisi, na?
3 Ungiboniselani ububi,ungibhekise ukukhathazeka na?Ngokuba ukuchitheka nendluzula kuphambi kwami;kukhona ukulwa,ukuxabana kuyaqhamuka.
4 Ngalokho umthetho uba buthakathaka,nokwahlulela akuphumi kuze kube nini,ngokuba omubi uhaqa olungileyo;ngalokho ukwahlulela kuphuma kuhlanekezelwe.